Umisiwe umbhikisho womphakathi waseJozini
Ngemuva kokuzwa lezi zinsolo, uZikalala ube esenxusa abaphathi bamaphoyisa ukuthi, babophe lamaphoyisa athintekayo

UZWAKALISE ukudumala uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi etshelwa ukuthi kunamaphoyisa asolakalayo ekwebiweni kwezimoto, zishushumbiswe ziyiswe eMozambique.
Ngemuva kokuzwa lezi zinsolo, uZikalala ube esenxusa abaphathi bamaphoyisa ukuthi, babophe lamaphoyisa athintekayo.
UZikalala ukusho lokhu ngesikhathi enomhlangano nabaholi bomphakathi, izikhulu zamaphoyisa kanye nabaholi bomasipala waseJozini noMkhanyakude.
Lomhlangano ubungoMsombuluko, emahhovisi ezemfundo eMkhuze.Uphinde wanxusa amalungu omphakathi akhalaza ngokwesatshiswa ngamanye amaphoyisa athintekayo, ukuthi avule amacala, ukuze kuphenywe.
‘Amaphoyisa asebenza esiteshini saseJozini athinteka kulobu bugebengu bokwebiwa kwezimoto, nobugebengu okwenzeka emngceleni wakuleli nelaseMozambique kumele asuswe.
Uma kungenzeki lokho kumele amiswe emsebenzini, bese kuphenywa lezi zinsolo,’ kubeka uZikalala.Ubuye wathembisa abebehambele lomhlangano ukuthi uzoxoxisana noNgqongqoshe Wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, mayelana nomphumela walomhlangano.
‘Ngizobuye ngikhulume nohulumeni omkhulu, mayelana nodaba lokuqhubeka kwezingxoxo phakathi kwezwe lethu kanye nelaseMozambique.
‘Kumele sithole izixazululo zokuthi zibuya kanjani izimoto ezebiwe kuleli.
‘Senxusa abaphathi bamaphoyisa ukuthi bathathe izinyathelo ezinqala, mayelana nalamaphoyisa asolwa ngenkohlakalo yokushushumbiswa kwezimoto kanye nobunye ubugenengu.
‘Ngiyabona ukuthi lezi zigilamkhuba sezisebenza ngokuhlelekile, yingakho sicele amaphoyisa ukuthi aphenyisise loludaba.
‘Amaphoyisa asolwayo kumele aphenywe, futhi kumele anikezwe umhlaba-khefu oyisipesheli uma kudingeka.
Sizimisele ukukhuculula inkohlakalo embuthweni wamaphoyisa,’ kubeka uZikalala.
UZikalala uthembise ukuthi ngoMsombuluko ozayo, bazoyohlola udonga obelwakhiwa, okwehlukanisa umngcele wakuleli nelaseMozambique, olibizwa nge-New jersey barriers.
‘Okwakhiwa kwaloludonga kuzomele kuqhubeke ngoba kade kusamisiwe nje isikhathi eside, kodwa izingqinamba ebezibhekene noMnyango WezokuThutha sezixazululiwe.
Loluhlelo lokwaka loludonga lubaluleke kakhulu njengoba luzovala amasango angekho emthethweni,’ kubeka uMnuz Zikalala.
Usihlalo wekomidi lomphakathi, uMnuz Joseph Ngubane, ukushayele uhlombe ukufika kukaNdunakulu namagalelo akhe ekuxazululeni inkinga ebebebhekene nayo bewumphakathi.
‘Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi sinikeze uNdunakulu ithuba lokuthi afeze izethembiso zakhe. Seneme kakhulu ngomphumela wezingxoxo esibe nazo naye, ngakho sicela umphakathi ukuba wehlise imimoya, ume umbhikisho,’ kubeka uMnuz Ngubane.
* Jozini protests suspended
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer