Kufunwa owesifazane olaxaze izingane
Ngokusho kukamakhelwane walo wesifazane, uNksz Zisiwe Ntingiso, unina walezi zingane wagcina ukubonakala ngesikhathi ethi uya edolobheni, kodwa wangaphinde wabonakala
AMAPHOYISA aseMtuba athungatha owesifazane wasOphondweni, olaxaze izingane zakhe ezinhlanu kuhlanganisa namawele anenyanga ezelwe.
Ngokusho kukamakhelwane walo wesifazane, uNksz Zisiwe Ntingiso, unina walezi zingane wagcina ukubonakala ngesikhathi ethi uya edolobheni, kodwa wangaphinde wabonakala.
‘Ngithe ngiyombheka emzini wakhe, ngafica izingane zihlezi zodwa, ngabe sengizithatha ngiyohlala nazo ekhaya, maqede ngayobikela amaphoyisa kanye nabezenhlalakahle. ‘Abezenhlalakahle babe sebecela ukuba ngizigcine lezi zingane, kodwa bawathatha amawele ngoba ebesemancane kakhulu.
‘Amawele abe eseyobekwa esikhungweni esigcina abantwana eNkandla,’ kubeka uNksz Ntingiso.
Okhulumela uMnyango wezeNhlalakahle esifundazweni, uMnuz. Mhlabunzima Memela, uthe umnyango wakhe usungenelele kuloludaba.
‘Izingane lezi sizozigcina endaweni ephephile, lapho okuhlala khona abantwana abangenabani, bese kuthi lezi ezindala sisazicelele ukuba zihlale nomakhelwane wazo, ngesikhathi sisazama ukuthola indawo lapho singazibeka khona,’ kuchaza uMemela.
• Police searche for mother who abandoned her children
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer