Local newsNews

Kucelwa izimvo zabantu ngohlelo lwezempilo

Umphakathi ubekelwe kuze kube ngumhlaka, 29 November ukuthi udlulise izimvo zawo, mayelana naloluhlelo lukahulumeni lwezempilo

NJENGENGXENYE yemizamo kahulumeni yokuthola izimvo zabantu mayelana nomthetho sivivinyo wohlelo lwezempilo, olwaziwa nge-National Health Insurance Fund (NHI), umasipala waseMhlathuze unxusa izakhamizi ukuba zifake izimvo zawo emabhokisini atholakala eMpangeninase-Rchards Bay Civic Centre.

Umphakathi ubekelwe kuze kube ngumhlaka, 29 November ukuthi udlulise izimvo zawo, mayelana naloluhlelo lukahulumeni lwezempilo.

Kwenzeka lokhu nje, iKomidi lezeMpilo lasePhamende kuzwelonke, liphume umkhankaso wokulalela izimvo zabantu, mayelana naloluhlelo lwezempilo oluhlongozwayo.

Kuzobuye kubanjwe esinye isithangami sokulalelwa kwezimvo zabantu mhlaka, 22 November kwisiFunda saseMkhanyakude.

Ngokusho koMnyango wezeMpilo, i-NHI wuhlelo lukahulumeni lokuhlinzeka abantu abantulayo ngosizo lwezempiilo olusezingeni eliphezulu.

Uhulumeni uthi uma loluhlelo luphumelela, uzoma ukuxhasa ama-medical aids abasebenzi bakahulumeni, kanye nezikhungo zezempilo ezizimele, bese kuthi yonke lemali isetshenziswe ekufukuleni loluhlelo lwe-NHI.

Labo abangeke bakwazi ukuyofaka imibono yabo mayelana naloluhlelo, bayacelwa ukuba bathumele izimvo zabo kwi-email, ethi vmajalamba@parliament.gov.za, noma bazithumele ngesikhahlabezi(Fax) kwinombolo ethi 0866943279

• NHI submission deadline looms


HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER