Local newsNews

Uhlelo lokusa abaphila nokukhubazeka kwaSARS

AbakwaSARS sebeveze ukuthi bazosebenzisana nezinhlangano ezizimele kanye nomasipala ukulekelela abaphila nalokhu kukhubazeka ngokuletha abantu abazosiza ngokuhumushela labakhokhi bentela abaphila naloluhlobo kukhubazeka

NJENGOBA inyanga kaMandulu (September) kuyinyanga yokuqhakambisa amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka kokungezwa,nokungakhulumi, abaqoqi bentela kahulumeni (South African Revenue Services) sebethembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni okusisa labo abaphila nalokhu kukhubazeka.

AbakwaSARS sebeveze ukuthi bazosebenzisana nezinhlangano ezizimele kanye nomasipala ukulekelela abaphila nalokhu kukhubazeka ngokuletha abantu abazosiza ngokuhumushela labakhokhi bentela abaphila naloluhlobo kukhubazeka.

Ngolwesihlanu kulelisonto, igastsha lakwaSARS eliseRichards bay lizobe selutholakala lolusizo, kusukela ngehora lesishiyangalolonye (9am) kuze kube ihora leshumi nambili (12pm).

Lolusizo luzobuye lutholakale naseVuleka School for the Deaf eNkandla, phakathi kwehora leshuni (10am) kuze kube ihora lokuqala emini (1pm).

USARS uthi lokhu kuzosiza kakhulu abakhokhi bentela ebebelokhu bebhekene nengwadla yokuxhumana nabasebenzi babo.

‘Lokhu kuhambisana nemigomo yethu yokuthi wonke umuntu athokle usizo olufanayo ezikhungweni zethu ezweni lonke,kungabi bikho ovaleleka ngaphandle ngenxa yokuphila nokukhubazeka.

‘Sicela amalungu omphakathi ukuba alusabalalise lolulwazi ikakhulukazi labo abahlala noma abakhelene n abantu abaphila ngokukhubazeka kwaloluhlobo.

• SARS to work with municipalities and independent organisations to assist deaf and visually impaired taxpayers

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER