Kuphenywa ngembangela yomlilo eJozini
Amahlebezi athi lomlilo uqalwe wukuthi abadayisi bamathayi amadala, bebeshisa amathayi abangawadingi, nokuthe ngokuphazima kweso umlilo wagxumela kulesi sakhiwo
UMASIPALA waseJozini ususungule uphenyo ngomlilo oqubuke edolobheni, wacishe wacekela phansi isakhiwo semakethe ngoLwesibili.
Amahlebezi athi lomlilo uqalwe wukuthi abadayisi bamathayi amadala, bebeshisa amathayi abangawadingi, nokuthe ngokuphazima kweso umlilo wagxumela kulesi sakhiwo.
Umthombo wakulendawo uthi babone intuthu emnyama iqhamuka ngemuva kwalesi sakhiwo, nokuthe uma beyobheka babona amalangabi egxumela kulesi sakhiwo, nokuyinto abathi yenzeke ngokuphazima kweso.
‘Konke kwenzeke ngokushesha. Ngenhlanhla abezicishamlilo bebeseduze nendawo yesehlakalo, bavesane basuka bahlala balwisana nomlilo ubusha ubuhanguhangu. Akukho kodwa okoniwe yilomlilo.
‘Abadayisi baphume belakanyana, bakhipha izimpahla zabo kulesi sakhiwo, ngesikhathi abezicishamlilo benza umsebenzi wabo,’ kubeka Umthombo.
Isikhulu sezokuxhumana kulomkhandlu waseJozini, uNksz. Sinenhlanhla Mthembu, uthe okwamanje abakabi nalo ulwazi ngembangela yalomlilo.
‘Sesiqale uphenyo lokubheka ukuthi ngabe lomlilo uqale kanjani. Akekho olimalile, futhi akukho mpahla ecekeleke phansi.
‘Kodwa ngingakusho ukuthi kushe nje ingxenye encane yophahla lwalemakethe, ngoba abezicishamlilo bakwazile ukuwubhula ngokushesha,’ kubeka uMthembu.
Okhulumela amaphoyisa endawo, uKaputeni Senzo Gumede, uthe alikho icala elivuliwe ngalesi sigameko.
‘Kusolakala ukuthi kukhona obeshisa amathayi, emva kwalesi sakhiwo maqede sokheleka ngomlilo, sasha kancane ophahleni, njengoba sifulelwe ngotshani,’kubeka uKapt Gumede.
• Jozini fire under investigation
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer