Itsha iyalwe ukuziqalela amabhizinisi
'Sifuna intsha ingene kuyalini wokuzosungulela amabhizinisi ayo'
Asikho esinye isixazukulo sokulwisana nokwentuleka kwemisebenzi entsheni, ngaphandle kokuyifundisa izindlela zokusungula amabhizinisi, okwenza imikhiqizo.
Lokhu kuvezwe isikhulu esiphezulu senkampani i-Ellen Industrial Cleaning Services, uMnuz Sibusiso Dube.
UDube ukusho lokhu ngesikhathi lenkampani yakhe ibambisenene-Amandla Negunya Cleaning Services, ekuqeqesheni intsha efisa ukungena emabhizinisini okwenza imikhiqizo enhlobonhlobo.
Ngokusho kukaDube, lena iyona kuphela indlela engakwazi ukulwisana nokwentuleka kwemisebenzi ezweni.
Loluqeqesho belubanjelwe enkundleni yezemidlalo ese-Richards Bay ngesonto eledlule.
UDube uthe inhloso yabo enkulu ukuqeqesha intsha ngamathuba engaba nawo, uma ingakwazi ukungena emabhizinisini okukhiqiza.
‘Ziphezulu izibalo zokwentuleka kwemisebenzi, futhi lezi zibalo ziya ngokwenyuka minyaka yonke.
‘Ngisho labo abaneziqu zemfundo ephakeme, bahlezi emakhaya ngenxa yokwentuleka kwemisebenzi, ngakho sila ukuzogqugquzela intsha yakithi, ukuba ingene emabhizinisini,’kubeka uDube.
Umqondisi we-Amandla Negunya Cleaning Services, uMnuz Malusi Mkhize,uthe loluqeqesho balwenza ngenhloso yokushintsha izingqondo zabantu.
‘Sifuna intsha ingene kuyalini wokuzosungulela amabhizinisi ayo, iphinde ikwazi nokuvula amathuba emisebenzi.
‘Kumele sikwazi ukuthi akusiwona umsebenzi kahulumeni ukwenza amathuba emisebenzi, kodwa njengezakhamizi, kumele kube khona esikwenzayo ukulekelela,’ kubeka uMkhize.
• Youth training promotes entrepreneurship
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer