CrimeNews

Ugwetshwe kanzima owadlwengula umzukulu wakhe

Lomlisa ongeke adalulwa igama lakhe, kubikwa ukuthi wabanjwa oqotsheni eqhoqhobele umzukulu wakhe owayeneminyaka ewu-9

OBESOLWA ngokudlwengula umzukulu wakhe ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili nanhlanu, yinkantolo yesifunda kwaNongoma ngoLwesihlanu.

Lomlisa ongeke adalulwa igama lakhe, kubikwa ukuthi wabanjwa oqotsheni eqhoqhobele umzukulu wakhe owayeneminyaka ewu-9. Kuthiwa wabanjwa yizelamani zesisulu, maqede zahlaba umkhosi.

Lesi sehlo senzeka eBhanganoma kwaNongoma mhla ziwu 17 December, 2017.

Enkantolo kuvele ukuthi umsolwa wayethembise isisulu imali elinganiselwa kopondo abahlanu.

Ngesikhathi kodwa esagila lomkhuba, kwabe sekungena endlini izelamani zesisulu, ezabe sezihlaba umkhosi ngesikubonile.

Icala lokudlwengulwa lavulwa esiteshini samaphoysia akwaNongoma, labe selidluliselwa ophikweni olubhekele ukuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane oLundi.

NgoLwesihlanu inkantolo ibe isithola lomlisa onemniyaka engamashumi amane nane, enecala lokudlwengula wabe esegwetshwa iminyaka ewu25.

• Grandfather sentenced to 25 years for rape

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER