UMNYANGO Wezokuhlaliswa Kwabantu usukhiphe imali yokuvuselelwa kwezindu ezabhidlizwa yisichotho ngasekuqaleni kwalonyaka.
Lokhu kuvezwe uNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala ngesikhathi ethula inkulumo abeyibhekise kubantu balesi sifundazwe ngesonto eledlule.
Uthe baningi abantu abahlukunyenzwa zikhukhula, ezadlula nemiphefumulo yabantu abangamashumi ayisikhombisa nanye, zabuye zashinya inqwaba yabantu dengwane bengenamakhaya.
‘Njengesifundazwe kumele kube khona esikwenzayo ukubhekana nomonakalo owenziwa zikhukhula.
Lomonakalo ubalelwa ku-R3.5 billion.
‘Izindawo ezakhahlamezeka kakhulu, kukhona isifunda soGu, i-King Cetshwayo, yiTheku, uMkhanyakude kanye neLembe,’ kubeka uMnuz Zikalala.
Uqhube wathi bayaqonda ukuthi isifunda saseThekwini sibhekene negwadla yokwentuleka komhlaba, wathi kodwa izingxoxo ziyaqhubeka ukuthola indawo engahlaliswa abantu okungenani okwesikhashana.
‘Lezi zikhukhula zikhombisa ukuthi, uhlaka olubhekele izinhlekelele kulesi sifundazwe kumele luhlale luqaphile. Kumele siphucule loluhlaka, kuhlanganisa nethimba elizokhipha izixwayiso uma kukhona izikhukhula ezizayo.
‘Lokhu kungaba impumelelo uma singakwazi ukufaka izinsiza zokuxhumana kuzo zonke izikhungo ezibhekene nezinhlekelele, ukuze zikwazi ukuxhunama kalula uma kukhona okwenzakalayo,’ kubeka uZikalala.
Ube eseqinisekisa ukuthi zonke izikhungo eziyishumi nanye kuzo zonke izifunda, zizohlonyuliswa ngezinsiza kusebenza ukuze zihlala zisesimweni esihle sokubhekana nomsebenzi.
* Rehabilitation support for flood victims
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer