CrimeNews

Livalelwe iphoyisa elibulale umphathi walo eNkandla

Kubikwa ukuthi uSayitsheni Malusi Sibisi (43) udutshulwe wabulawa ngelinye iphoyisa, ebelingayile emsebenzini, ngoba libike ukuthi liyagula, kanti lidla amanzi amponjwana nabangani balo abangamaphoyisa, asebenza kuso lesi siteshi

ASADIDEKILE amaphoyisa aseKhombe, eNkandla ngemuva kwesigameko sokubulawa kwelinye lamaphoyisa, ebelisebenza kulesi siteshi ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kubikwa ukuthi uSayitsheni Malusi Sibisi (43) udutshulwe wabulawa ngelinye iphoyisa, ebelingayile emsebenzini, ngoba libike ukuthi liyagula, kanti lidla amanzi amponjwana nabangani balo abangamaphoyisa, asebenza kuso lesi siteshi.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifunda sase-King Cetshwayo, uKaputeni Mbongeni Mdlalose, uSayitsheni uSbisi wafika wathola umbiko wokuthi umsolwa akezukuza emsebenzini ngoba uyagula.

‘Ema kwesikhashana ethole lombiko, ube esezwa umsindo obuvela lapho kuhlala khona amaphoyisa asebenza kulesi siteshi, ube esephuma eyobheka ukuthi ngabe umsindo ngowani, nokuyilapho azithele phezu kwalomsolwa, ezitika ngamanzi amponjwana.

‘Kubikwa ukuthi ekufikeni kwakhe, ube esebuza ukuthi kungani libike ukuthi liyagula kanti akunjalo, wabe esekhipha umakhalekhukhwini wakhe wathatha izithombe.

‘Emva kwaleso sigameko, umsolwa ube esehamba wabuyela lapho ahlala khona, njengoba ebengahlali ezindlini ezakhelwe amaphoyisa.

‘Emva kwesikhashana ube esebuya ehlomile, wafike wangena ehhovisi lesiteshi samaphoyisa, nokuyiklapho adonse khona isibhamu wadubula uSayitsheni Sibisi, washonela khona lapho endaweni yesahlakalo,’ kubeka uKpt. Mdlalose.

Uqhube wathi, amaphoyisa abekhona ngesikhathi sesahlakalo akwazile ukubamba umsolwa, ambopha.

‘Umsolwa ube esevalelwa esitokisini wabekwa icala lokubulala. Kulindeleke ukuba avele phambi kwenkantolo kaMantshi yaseNkandla maduze nje,’ kubeka uKpt. Mdlalose.

UMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uJenene Khehla Sithole, ukushayele ihlombe ukuboshwa komsolwa, wabe esedlulisa amazwi enduduzo emndeni wakwaSibisi.

Police constable arrested for killing his shift commander in Nkandla

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER