AbaseMhlathuze bakhuthazwe ukubika ngenkohlakalo
Lomasipala usuvele nesu lokulwisana nenkohlakalo kanye nokukhwabanisa, ngokuhlinzeka izakhamizi zawo ngenombolo yamahhala ezingayisebenzisa, uma zifuna ukubika lezi zigameko
UMASIPALA waseMhlathuze uyaqhubeka nokukhuthaza izakhamizi zawo ukuthi, zibike izigameko zenkohlakalo, nokukhwabanisa okwenzeka ezindaweni zawo.Lokhu kuvele ngesikhathi lomkhandlu unomhlangano wesigungu olawula ukusebenza kwalomasipala ngeledlule.
Kuvele nokuthi ngonyaka ofile, phakathi kwenyanga ka-October
no-December, lomasipala wathola izingcingo eziyishumi nesikhombisa, ezazibika izigameko zenkohlakalo.
Lomasipala usuvele nesu lokulwisana nenkohlakalo kanye nokukhwabanisa, ngokuhlinzeka izakhamizi zawo ngenombolo yamahhala ezingayisebenzisa, uma zifuna ukubika lezi zigameko.
Umasipala ukholelwa ukuthi njengoba bazisa umphakathi ngaloluhlelo lokubika inkohlakalo, sizokhuphuka isibalo sezingcingo abazosithola, ezibika izigameko zenkohlakalo kanye nokukhwabanisa.
Ngonyaka odlule lomasipala uqashe inkampani ezimele 1-Whistle-Blowers SA, ukubhekana nalomsebenzi wokulwisana nenkohlakalo nokukhwabanisa.
Loluhlelo luvumela abasebenzi nezakhamizi ukuthi zihlabe ikhwelo, uma kukhona ezikubonayo okushaya amanzi, futhi bonke ababikayo bavumelekile ukuba bangazivezi ukuthi bangobani.
Abasebenzi nezakhamizi, bengabika uma bebona amacala afana nokweba, ukukhwabanisa, ukugwasiza kanye nokungethembeki ezikubona kwenziwa ngozakwabo. Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zishayele kulenombolo ethi 0800 000 483, SMS 33940 or email cou@whistleblowing.co.za
City of uMhlathuze continues the fight against fraud and corruption
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer