Local newsNews

Bakhala ngenkohlakalo ‘enuka’ eMhlathuze abe IFP

Leliqembu likhale kakhulu ngokwehluleka komasipala ukulethela amanzi, umphakathi waseNtambanana, osingene ngaphansi koMasipala waseMhlathuze

IZINKULUNGWANE zamalungu e-IFP zivale imigwaqo yaseSikhaleni ngoLwesihlanu, zimashela uMasupala waseMhlathuze, zikhala ngenkohlakalo, ezithi inuka phu kanye nokugqoza kwentuthuko.

Leliqembu likhale kakhulu ngokwehluleka komasipala ukulethela amanzi, umphakathi waseNtambanana, osingene ngaphansi koMasipala waseMhlathuze.

Ekhuluma namakhulu abalandeli beqembu lakhe, uMkhulumeli we-IFP kuzwelonke uMnuz. Mkhuleko Hlengwa uthe iyabakhathaza nendlela engacacile okuqashwa ngayo kulomasipala, njengoba kunezinsolo zokwenzelela nokuqasha ngobungani nobuqembu.

‘Lomkhandlu awusebenzi ngokulandela imithetho yokusebenza komasipala neyokuphathwa kwabo.

‘Konke lokhu kwavezwa ngisho wuMcwaningi Mabhuku. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi, nalowo owayeyiMeya walomasipala, uMnuz. uMbatha, wabhalela uNgqongqoshe uNkk Nomusa Dube-Ncube, emazisa ngokungahambisi ngendlela, ekukhoshweni kwamathenda.

‘Waze wacela ukuba kwenziwe uphenyo, namanje awukaze ubuye lowombiko.

‘Kuyacaca ukuthi zikhona izinto ezifihlwayo, kwazise naye uNgqongqoshe uyingxenye yeqembu elibusayo,’ kuchaza uHlengwa.

UHlengwa uthe nodaba lolwandle lwase-Port Durnford luyabakhathaza, ngoba kade lwalukhulunywa ukuba lithuthukiswe, ukuze abantu bangahambi amabanga amade uma befuna ukushawa umoya nokubhukuda.

Lomholi wentsha ye-IFP kuzwelonke, uthe banikeze lomasipala izinsuku eziyishumi nane ukuphendula.

‘Sesikhathele ukuthi abantu bakithi benziwe izilima, bethenjiswe izulu nomhlaba lapha emhlabeni, kodwa kunabantu abadla imali.

‘IMeya yalapha yakhelwe indlu ebiza izigidi ezinhlanu (R5-million), kodwa abantu abanazo izindlu, abanawo ugesi.‘

Lomasipala unemali eyizigidigidi ezine (R4-billion) okufanele ngabe ihambisa izidingo kubantu.

Inkohlakalo kulomasipala iyesabisa. Ngendlela eningi ngayo, imiqingo yakhona engaphezu ngisho kwebhayibheli.

Ngisho uNkulunkulu esezulwini iyamnukela lenkohlakalo elapha eMhlathuze.

‘Ngakho kusifanele ukuthi sizodweba umugqa obomvu, sisho sithi sesikhathele ukuthi lomkhandlu oyigugu ekuthuthukisweni umnotho wezwe nabantu baseMhlathuze uphathwe budlabha,’ kubeka uHlengwa.

Okhulumela umasipala waseMhlathuze, uMnuz Mdu Ncalane uthembise ukuzisukumela izikhalazo ze-IFP, njengoba bematasa, besazifunda.

‘Siwumasipala siyaziqhenya ngesisakwenzele umphakathi, kodwa siyazi ukuthi akukeneli futhi kusamele sisebenze kanzima ukufinyelela kuzo zonke izindawo.

‘Mayelana namaWadi esawamukela, ephuma eNtambanana, simatasa nezinhlelo zokuwathuthukisa, njengoba ayesele emuva kakhulu ngentuthuko,’ kubeka uNcalane.

* IFP marches against corruption in the City of uMhlathuze

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER