Local newsNews

Kubashubele abadayisa izimoto emgwaqeni

Lamaphoyisa ahole lomkhankaso njengenhlanganisela, kusukela kumaphoyisa omgwaqo, ngamaphoyisa kaMasipala kanye nonogada

KUBENCANE indawo ngesikhathi kutheleka amaphoyisa ehlome ngazo zonke izikhali, ezibhekana nabadayisa izimoto emgwaqeni eseMpangeni.

Lamaphoyisa ahole lomkhankaso njengenhlanganisela, kusukela kumaphoyisa omgwaqo, ngamaphoyisa kaMasipala kanye nonogada.

Izindawo ezidayisa ngezimoto sezithe chithi saka edolobheni lonke, elingaphansi koMasipala waseMhlathuze, futhi lokhu kunokwenzeka kuhlobane nokuthathwa kwezimoto zabantu, zishushumbiswe kwamanye amazwe.Ngalomkhankaso, kuhloswe ukuxwayisa bonke abathengi bezimoto ezingamasekeni, ukuba babheke labo ababadayiselayo, ngoba kuyenzeka badayiselwe izimoto ezingenawo amaphepha aqondile.

Phakathi kwabebehola lomkhankaso ngamaphoyisa kaMasipala uMhlathuze, ngamaphoyisa kahulumeni, yi-Control Risk Group (CRG- security Company, enenkontileka nomasipala kanye nohlaka lokulwisana nobugebengu lwaseMpangeni (CPF).

Akubona bodwa abezimoto ezidayisayo abahlangane nenyoka iphuza umhluzi, kodwa nomakhenikha, abakhandela izimoto zabo emgwaqeni, nabo bayikhothile imbenge yomile.

Ngokulandisa koMkhulumeli kaMasipala, uMnuz. Mdu Ncalane, lomkhankaso usazodlulela nakwezinye izingxenye zikamasipala, njengase-Richards Bay kanye nasemalokishini aseNseleni, Ngwelezana naseSikhaleni.

‘Loludaba selusikhathaze iminyaka eyishumi eyedlule, lapho khona izakhamizi zethu bezibona kuphendulwa imigwaqo yazo izindawo zokukhandela izimoto, kusetshenziswa nezindawo ezinotshani.

Car lot crackdown

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER