Local newsNews

Utholwe ezilengisile umfundi waseDover

Ekhuluma nephephandaba uthishanhloko wesikole uMnuz. Wonderboy Mzobe uthe izindaba zokudlula emhlabeni kwalomfundi zibashaqise kakhulu njengesikole, ngoba bebengakulindele lokhu okwenzekile

BASASHAQEKILE othisha, abafundi nabazali besikole i-Dover Combined Farm School, ngokuzwa izindaba zokudlula emhlabeni komunye wabafundi bakulesi sikole, uNqobile Mnqayi.Lomfundi obenza ibanga lika-Grade 11 utholwe ezilengisile ekhaya kubo eliseGobandlovu ngaseSikhaleni.

Ekhuluma nephephandaba uthishanhloko wesikole uMnuz. Wonderboy Mzobe uthe izindaba zokudlula emhlabeni kwalomfundi zibashaqise kakhulu njengesikole, ngoba bebengakulindele lokhu okwenzekile.

‘Saziswe ngesonto eledlule ngokudlula kwalomfundi kabuhlungu kangaka, njengoba etholwe ezilengisile ngentambo, futhi engashiyanga namyalezo ngezizathu ezenze athathe isinqumo esinzima njengalesi.

‘Sonke njengesikole sisethukile. Okusixakayo lomfundi ubesemncane futhi enekusasa eliqhakazile. Besisalindele okuningi kuye, njengoba besizogadla ngaye kubafundi bethu bebanga likamatikuletsheni bangonyaka ozayo.

‘Angingabazi ukuthi ubezophumelela ezifundweni zakhe, njengoba sekuqaliwe ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.’

Yisigameko sokuqala lesi esenzeke lapha esikoleni, ukuba sishiywe ngomunye wabafundi bethu kulonyaka, futhi lokhu kwenzeke esikhathini lapho khona sesiwusonga unyaka.

Impela sizwe ubuhlungu obukhulu ngokulahlekelwa yilomfundi.

Imicabango nemikhuleko yethu siyibeke emndenini wakhe ukuba uqine,’ kuchaza uMzobe.Uthisha wakhe uMnuz.

Zakhele Khoza uchaze lomfundi obeneminyaka engu-21, njengomunye walabo bafundi abebevulelekile, ekhululekile, engenankinga futhi ezimisele nasemsebenzini wesikole. Sekuhlelwe nenkonzo yesikhumbuzo sakhe ezobanjelwa khona esikoleni.

* Learner’s hanging tragedy

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER