Kuboshwe izaguga ngokunukubeza umzukulu
Lezi zaguga ezikhalelwe ngamasongo kaS'gonyela ngoSikhotha Mathambo, olinganiselwa eminyakeni engu (70) nonkosikazi wakhe uHluphekile Ndlazi olinganiselwa eminyakeni engu (52)
IZAKHAMIZI zaseManguzi zisetshisa isigameko sokuboshwa kwezaguga ezingabashadikazi, ngecala lokudlwengulwa komzukulu wazo oneminyaka engu-12.Lezi zaguga ezikhalelwe ngamasongo kaS’gonyela ngoSikhotha Mathambo, olinganiselwa eminyakeni engu (70) nonkosikazi wakhe uHluphekile Ndlazi olinganiselwa eminyakeni engu (52).
Zicashunwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu, zabuye zadedelwa ngoLwesine ngemuva kokuvela ngaphambi kweNkantolo kaMantshi yaseManguzi. Kusolwa ukuthi zombili lezi zaguga zayinukubeza lengane ekhaya lazo, njengoba kusolwa ukuthi ugogo wayo wayicindezela phansi, ngesikhathi umkhulu wayo eyinukubeza.
Ngokuchaza kwesitatimende sesisulu esisemaphoyiseni, lengane yacelwa ukuba iyobheka umpompi owawuvuza ngaphandle. Ngesikhathi ebuya endlini, yafica umata wotshani undlalwe phansi.
Lengane isola ugogo wayo ngokuyitshela ukuthi ikhumule ibe nqunu, bese ilala kumata, yathi uma inqaba, wayodonsa ngolabhabha wempama, wayidudulela phansi. Kulapho ke okuthiwa khona logogo wayicindezela phansi ngesikhathi umkhulu wayo eyidlwengula.Baphazamiseka ngesikhathi kukhona ongqongqozayo endlini.
Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa saseManguzi, base beludlulisela ophikweni lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offense Unit.
Kwenye ingwijikhwebu, lomkhulu usekuphikile ukuthi wayihlukumeza lengane yentombazane, ewumzukulu, ethi yena sekuphele iminyaka emine imizwa yakhe kwezocansi ingasebenzi.
Yize labashadikazi bededeliwe esitokisini samaphoyisa, necala labo langafakwa ohlwini lwamacala ngumshushisi, kodwa ukuhlolwa okwenziwe ngudokotela kuqinisekisile ukuthinteka kwesitho sangasese sesisulu.Ngokuchaza kokhulumela amaphoyisa, uKapt. Jabulani Mdletshe, kusazokwenziwa olunye ucwaningo, noluhlanganisa ukuthathwa koketshezi lwesisulu, olizothunyelwa ePitoli, ukuze luyohlolisiswa.Emva kwezinsuku ezimbili kwenzeke lesi sigameko, umama wengane wabikela abezindaba ezweni lonke ukuthi indodakazi yakhe namanje ayikakwazi ukuvuka izithathe, kulandela lesi sigameko sokunukubezwa kwayo.
Uthe isisulu lesi sisathukile, futhi asikwazi ukugxila emsebenzini wesikole.Lesi sisulu sisabhekwe ngumama waso, sithola nosizo lwezempilo ngenhloso yokuvikeleka kwizifo ezithathelana ngokocansi.
Grandparents arrested for all alleged rape
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer