Local newsNews

Ugqugquzele inhlonipho ngosuku lokuzalwa

ubonge ujehova obeqea iminyaka engu 119 esaphila

IGQUGQUZELE inhlonipho enye yezingwevu ezindala zasesizweni sakwaMhlana, uMnuz Zinto Ximba, ngesikhathi ebonga isipho sedili alenzelwe isizukulwane sakhe.

UXimba ubehlanganisa iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye (119) esadla anhlamvana.Lengwevu yazalwa mhla zingu 10 May 1899, kanti yaganwa ngamakhosikazi amahlanu, amanye awo amabili yawathola ebukhosini bakwaMthethwa kanye nakwaMpungose.

Uzalwe ngesikhathi kulwa impi yamaJalimane, lapho ethi iningi labantu lalibaleka lishiya umsebenzi, liphephisa izimpilo njengoba ngalesosikhathi babehlaselwa ikakhulu ebusuku uma sebephumile emsebenzini, njengoba babengabokuqala ababesebenza kwa-Uniliver Brothers.

Ngaphambi kokuthi azinze kwesakwaMthethwa uqale wahlala eShowe, nalapho esuke khona ngoba eseganiwe.
Akwenzayo njengamanje ungumhlambululi ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni.

Uhlala nendodakazi yakhe yokugcina, uNksz. Hleziphi Ximba, esimqaphile njengoba engasezwa kahle emadlebeni, futhi engasaboni kahle nasemehlweni.

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER