Bakhala ngendawo yokujuxuza abaseNgwelezana
Emhlanganweni womphakathi obubizwe yiKhansela, uMnuz. Simphiwe Mzimela, lomphakathi ulibeke ngembaba elokuthi sewukhathele yindawo yezobumnandi eyaziwa nge-NUF Cafe, wacela iKhansela ukuba lingenelele

UBHODLA umlilo umphakathi waseNgwelezana, esigcemeni sase-B, esingaphansi kukaWadi 27, ngendawo yokuxujuza abathi isibahlukumeze kakhulu.
Emhlanganweni womphakathi obubizwe yiKhansela, uMnuz. Simphiwe Mzimela, lomphakathi ulibeke ngembaba elokuthi sewukhathele yindawo yezobumnandi eyaziwa nge-NUF Cafe, wacela iKhansela ukuba lingenelele.
Esinye isakhamuzi sikhale ngokuthi lendawo ibahlukumeza kakhulu ngomsindo wezingoma ezidlalwa ubusuku bonke kuze kuse, kanti nalabo abahambela lemijuxuzo kuthiwa bashiya omkhulu umonakalo emzini yezakhamizi.
‘Sesibekezele kwanele manje yizinto ezenziwa kulendawo yilabo abasuke bezozijabulisa. Labantu bashiya izinto ezingcolile emzini yethu, njengamakhondomu asesebenzile namaqakelo abantu besifazane.
UNGAFUNDA LA: Landelani imigudu efanele ukufaka izikhalazo
‘Asisakwazi ukulala wumsindo osuka kulendawo. Ngelinye ilanga ngavuswa yizigi ngilele, kanti ngabantu ababelwa besuka kuyo lendawo, baze bakhalakathela egcekeni lami, omunye nje wayesebomvu yigazi, esegoloza nokuphuma, esabela ukuthi bazomqedela.
‘Lomsindo wezingoma ezidlala ubusuku bonke lapha usubalekise abantu abaningi lapha endaweni, asebevele bathutha bayohlala kwezinye izindawo. Ngisho izindlu zethu ziyaklayeka manje ngenxa yezinga lomsindo eliphezulu.
Siyacela umasipala ungenelele kuloludaba, nakhu sihlukumezeka,’ kulandisa elinye ilungu lomphakathi.
Lomphakathi ubuye wabalisa futhi nangezinga lobugebengu elidla lubi kulesi sigceme, ikakhulukazi ngezikhathi zasebusuku.
‘Izinga lokugqekezelwa liphezulu kabi lapha. Sigqekezelwa imizi ngisho emini kwabha. Empeleni abenzi balobu bugebengu ngabantu abaziwayo nje. Sithathelwa ngisho izimpahla zokugqoka uma sizenekile ocingweni. Izinga lokuntshontsha nalo liphezulu lapha,’ kuchaza elinye ilungu lomphakathi.
IKhansela lesigceme uMnuz. Simphiwe Mzimela uthembise ngokulufakela izibuko loludaba, wase enxusa nomphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa ngokubika zonke izigameko zobugebengu ezenzeka endaweni.
Nightclub angers community
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer