Local newsNews

Idedelwe ehlane imamba etholakale eMpangeni

Indlondlo ithuse abaningi

IPHENDUKE undabamlonyeni indaba yenyoka eyimamba, ebonakale iquthise kwenye yezitolo ezidayisa impahla yokwakha edolobheni laseMpangeni, ngemuva kwamahhovisi oMnyango Wezasekhaya.

Lenyoka kuthiwa ibisihlale amasonto amathathu kulendawo, futhi ibizikhululekele nje, ingewo umsindo nolaka.

Lokhu kuvezwe ngumsebenzi oyinduna kulele sitolo sempahla yokwakha, uMnu Zakhele Zwane. UZwane uthe ngesikhathi eyibona okokuqala ube esenxenxa ozakwabo ukuthi bengayibulali lenyoka, ngoba enothando olujulile lwezilwane zasendle.

‘Ngiyazi ukuthi loluhlobo lwenyoka luyingozi, kodwa ngibe sengicela ozakwethu ukuthi siyiyeke singayibulali.

‘Ngenxa yokwazi ukuthi izilwane zasendle kanye nezinyoka ziyingxenye yempilo yethu, futhi ilapha nje ibilethwe indlala izifunela amagundane namaselesele, sabe sesiyiyiyeka, kodwa besihlale siyiqaphile ukuthi ingakuphi.

Umbambi wezinyoka uMnuz. Fred Lubbe ube esededela lolugalagala lwemamba emnyama kude emahlathini la kungahambi khona muntu -Photo by Muzi Zincume

ALSO READ: Massive catch for local snake wrangler…

‘Lenyoka ibinezindawo ezintathu la ibihlala khona. bekuye kuthi uma singayiboni phakathi kwalezi zitaki zamapalangwe ebihlal kuzo, siyibheke kwezinye.

Nembala siyithole izihlalele le ingasenzi lutho, uma isibona,’ kubeka uZwane.

Uqhube wathi yize lenyoka ibingasukeli muntu, kodwa ngokwesabela ukuphepha kwayo nokuphepha komphakathi, ube esecela uMnuz.

Fred Lubbe, onolwazi olunzulu lokubamba izinyoka ukuthi azoyithatha, ayoyibeke endaweni ephephile.

‘Engikwaziyo ukuthi lenyoka ibihlezi lapha ngoba ibizifunela ukudla nje, njengoba izinyoka zidla amagundane kanye namasele.

‘Yize singenakho ukungcola okusezingeni elingadonsa amagundane kulendawo, kodwa ngikholwa ukuthi ibizifunela amagundane kulelihlathi eliseduzane kwethu.

‘Esizokwenza manje ukuthi sicele abanikazi bamapulangwe ukuthi bezowalanda, ukuze sigweme ukuba yisidleke sezinyoka, nokuvikela ukuthi kubi bikho ezinye izinyoka ezizoza kulendawo esisebenza kuyo,’ kubeka uMnuz. Zwane.

UMnuz. Lubbe uchaza loluhlobo lwenyoka lwemamba emnyama ukuthi inophoyizeni oyingozi kakhulu, kodwa wathi ayivesane nje ihlasele abantu ibashaya kodwa, ishaya labo abasuke beyihlasela, njengoba isuke izivikela, kokunye iyaye ishaye umuntu eyigxobayo .

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER