Bathukuthele kugqekezwa isikole eNqutshini
Lesi simo siphoqe iNkosi yesizwe saKwaMadlebe, iNkosi Zenzo Zungu ukubiza umhlangano ophuthumayo namalungu omphakathi, ukuzobhunga ngaloludaba
UWOTHA ubomvu umphakathi waseNqutshini, ngaphandle kwaseNgwelezane, kulandela ukugqekezwa kwesikole sendawo, Ehawini Technical School.Kulesi sikole kuygqekezwe, kwathathwa impahla nokudla kwesikole ngoLwesine olwedlule.
Lesi simo siphoqe iNkosi yesizwe saKwaMadlebe, iNkosi Zenzo Zungu ukubiza umhlangano ophuthumayo namalungu omphakathi, ukuzobhunga ngaloludaba.
NgoLwesihlanu olwedlule, abafundi nothisha baseHawini Technical School bafika esikoleni kugqekeziwe, egunjini lapho lesi sikole sigcina khona ukudla nezinye zezinsiza kusebenza.
Uthishanhloko wesikole uMnuz Dlamini uthe isikole sabhekana nengwadla, njengoba kwakufanele kuphekelwe abafundi njengenhlalayenza.
‘Kube nzima njengoba abafundi bekuphoqeleka ukuba basebenzise izimali zabo ekutholeni okuya ngasethunjini.
‘Silimele njengesikole siyathemba ukuthi lezi zelelesi zizovela ekugcineni zaziwe emphakathini.
‘Lokhu kudla okuthathiwe okwenani eliphezulu kakhulu, njengoba bekungo 10kg abaningi be-rice, impuphu, obhontshisi, amafutha, amasobho nokunye nokunye okuzinsiza kusebenza.
‘uMqondisi wezeMfundo esifundeni se-King Cetshwayo, uDkt. David Chonco, uthe bashaqekile ngalesi sigameko, njengoba kuyizingane zomphakathi lezi ezondliwa ngalokhu kudla.
‘Izingane eziningi azinakho ukudla okwanele emakhaya. Uma bengasazokuthola basesikoleni, lokho kuzodala inkinga enkulu.
‘Siyazi ukuthi laba bantu abasuki kude bakhona khona lapha emphakathini, ngakho-ke siyanxusa ukuba amalungu omphakathi abambisane nesikole namaphoyisa, kuboshwe lezi zigila mkhuba.
‘Inkosi uZungu yesizwe saKwaMadlebe, inxenxe amalungu omphakathi angaba nolwazi ngalabo abagqekeze esikoleni ukuba ayibikele Inkosi ngasese, ukuze azitholele umklomelo.
‘Umphakathi ngiwutshelile ukuthi onengane nowaziyo ngokugqekezwa kwesikole akaphumele obala.
‘Ngithembise nangomklomelo othile, kwabazoqhamuka nomkhondo wokubanjwa kwezigilamkhuba.
‘Okunye okusikhathazayo yilento yokuthi noma izigila mkhuba sizibamba inkantolo ziyabadedela.
‘Njengoba ngibize lo mhlangano namuhla ngizama ukuvimbela umphakathi ukuthi ungazibambeli umthetho ngezandla zawo,’ kusho Inkosi Zungu.
• Inkosi Zungu convenes urgent meeting following burglary at Nqutshini School
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer