Local newsNews

U-SASSA uchitha amahebezi okuphisana ngemfaniswano yamahhala

‘Kusiphazamisa kakhulu emoyeni ukuthola ukuthi kunabantu abangenaluzwelo, abadlala ngemizwa yabantu abentulayo, ngokusabalalisa imibiko engekho

UPHIKO lukahulumeni oluholela izimpesheni, iSouth African Social Security Agency (SASSA) isiziqhelanisile ngezindaba esezisabalele kulo lonke leli ezithi loluphiko luphisana ngemifaniswano yezikole kanye nezincwadi
Okhulumela loluphiko kuzwelonke, uNks. Kgomoco Diseko, uthi lokhu kungamapunge.

‘Kusiphazamisa kakhulu emoyeni ukuthola ukuthi kunabantu abangenaluzwelo, abadlala ngemizwa yabantu abentulayo, ngokusabalalisa imibiko engekho.

‘Lezi zindaba ezingamapunge ziphume ngesikhathi lapho kuvulwa izinkole, nosekwenze abazali abentulayo behle benyuka beza emahhovisi ethu ukuzobuza ngalolusizo lwemifaniswano yamahhala kanye nezincwadi.

‘Lokhu kulimaza isithunzi sethu njengoba kudala ukuthi abantu bengasethembi.

‘Lemiqhafazo usubange nokuthi kube nzima ukusebenza ngoba abasebenzi sebebhekene nengwadla yokuchazela abantu ukuthi lento ingamanga, nokuyinto esishaye abantu abaniningi emaphaketheni njengoba sebemoshe izimali zabo begibela ukuza emahhovisi ethu ukuzobuza mayelana naloluhlelo mbumbulu,’ kubeka lesi sikhulu.

Lesi sikhulu sibe sesinxenxa abantu ukuba baxwaye uma betshelwa ngezindaba ezihehayo,kodwa ezingabazekayo.

‘Kubalulekile ukuthi uma kukhona esikutshelwa ngabantu kodwa singakaze sikuzwe kuvela ezikhulwini zakwa-SASSA ukuthi sishaye ucingo sibuze kunokuthi simoshe izimali ngokugibela sibuye zihambe amabanga amade sihambela ubala.

‘Abantu bengashaya kulenombolo ethi ukuthi 0800 60 10 11 ukuthola isiqinisekiso salokhu abasuke bekuziwnle kodwa abangenasiqinisekis zakho. Sinxusa noma ngubani osenalomyalezo womqhafazo ukuba awucime kumakhalekhukhwini wakhe,’ kubeka uNks Diseko.

 

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER