Kuboshwe abokufika emigwaqeni
Lokhu kwenzeke ngesikhathi lamaphoyisa eqhuba umkhankaso wezivimbamgwaqo, emgwaqeni onguthelawayeka, (N2) ngaseSikhaleni ngeSonto
AMAPHOYISA asesiFundeni se-King Cetshwayo asebophe abantu bokufika kuleli abayishumi nanye, abakulelizwe ngokungekho emthethweni.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi lamaphoyisa eqhuba umkhankaso wezivimbamgwaqo, emgwaqeni onguthelawayeka, (N2) ngaseSikhaleni ngeSonto.
Lomkhankaso ubuholwa nguNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz. Bheki Cele, yiPhini likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola kanye noNgqongqoshe Wezokuthutha, Ukuphepha Nokuxhumanisa umphakathi esifundazweni uMnuz. Bheki Ntuli kanye noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni u-Lieutenant Khombinkosi Jula.
Lezi zikhulu zozine, kanye neMenenja yechweba lase-Richards Bay, uMnuz. Thami Sthole, babuye bavakashela indawo yase-Naval Island, ese-Richards Bay, esavaliwe okwamanje ngezizathu ezithile, kuze kumenyezelwe ukuvulwa kwayo.
Umkhulumeli wamaphoyisa asesifundeni i-King Cetshwayo, uKapteni Mbongeni Mdlalose uthe, bonke ababoshiwe, babekwe icala lokwephula umthetho, olawula ukungena kwabantu bokufika kuleli.
‘Labantu bokufika kuleli babanjwe ngesikhathi somkhankaso wezivimbamgwaqo, batholwa bengenawo amaphepha asemthethweni, abagunyaza ukuba kulelizwe.
‘Labantu bachazwe njengabokudabuka ezweni laseMozambique, kanti kulindeleke bavele ngaphambi kwenkantolo kaMantshi yaseSikhaleni maduze nje,’ kuchaza uMdlalose.
• 11 illegal immigrants nabbed at roadblock
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer