Kuqwashiswa ngemikhonyovu edlangile
LoMnyango uqhube wathi akusilona iqiniso ukuthi uNgqongqoshe waloMnyango uthumela abantu izincwadi ezifana nalezi, ubacela ukuba bafake izicelo zokudedelelwa izimali, nokufuna iminingingwane yomuntu efana nalena
UMNYANGO Wezezimali kuleli usikhiphe isexwayiso ngokwenyuka kwezigameko zomkhonyovu yokuqolwa kwabantu izimali ezishisiwe. Ngokusho koMnyango, kunomuntu ozenza uNgqongqoshe woMnyango Wezezimali othumela abantu ama-emails, ebatshela ukuthi kumele bafake izicelo zokuthola imali yabo engaphezu kwesigidi kwiBhange-ngodla yakuleli.
‘Lencwadi ye – email iyaye ifune imininingwane yomuntu efana namagama aphelele nesibongo, iminyaka yokuzalwa, nohlobo lomsebenzi alwenzayo kanye nenombolo kamakhalekhukhwini,’ kubeka loMnyango esitatimendeni.
LoMnyango uqhube wathi akusilona iqiniso ukuthi uNgqongqoshe waloMnyango uthumela abantu izincwadi ezifana nalezi, ubacela ukuba bafake izicelo zokudedelelwa izimali, nokufuna iminingingwane yomuntu efana nalena.
‘Sithanda ukwexwayisa abantu ukuba bangalokothi baphendule, lezi zincwadi, ngoba lokho kungenza balahlekelwe yizimali zabo ngadlelathize, ngoba kuyacaca ukuthi lokhu kungumkhonyovu ohleliwe,’ kubeka loMnyango kwisitatimede.
Lesi sexwayiso silandela esinye esikhishwe uMnyango Wezabasebenzi, lapho uxwayisa umphakathi ngomkhonyovu osusabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho abantu bethenjiswa isizumbulu semali elinganiselwa ezinkulungwaneni ezintathu (R3000).
‘Lemigulukudu iqhamuke ne-website ewumbombayi yaloMnyango, lapho inxenxa khona abantu ukuba babheke ukuba amagama abo ayavela yini ohlwini lwabantu, okumele bahlomule ngalemali.
Okhulumela lomnyango uMnuz Teboho Thejane, uthe kule-website ewumgunyathi, kuthiwa abantu esebesenze kusukela ngonyaka ka-1990 kuya ku-2019 yibona abakulungele ukuhlomula ngalemali kuloMnyango.
‘Abantu okumele bahlomule kuloMnyango ilabo abake basebenzela lomMyango,’kubeka uMnuz Thenjane.
NATIONAL Treasury has issued a stern warning about scams