Local newsNews

Votela uGugu waseShowe manje

Usebenza esibhedlela eShowe District Hospital, lapho khona aqinisekisa ukuthi umphakathi uyaluthola lonke usizo lwezempilo olwehlukene

UMPHAKATHI uyanxuswa ukuba uvotele abantu obathandayo emkhakheni we Integrity Icon, olungiselela umcimbi ozoba ngomhlaka 10 October. I-Integrity Icon wumkhankaso womhlaba wokuthola, ukubungaza nokuhlanganisa abasebenzi bakahulumeni abathembekile nabasebenza ngobuqotho.Phakathi kwabo kukhona noGugu Mlotshwa, ongumxhumanisi wezempilo ozinze eShowe.

Usebenza esibhedlela eShowe District Hospital, lapho khona aqinisekisa ukuthi umphakathi uyaluthola lonke usizo lwezempilo olwehlukene.

Abanye abaqokiwe

Abanye abaqokwe kulomkhakha ngoMoshalagae Malatji (osebenza eLimpopo eMnyangweni Wezemfundo njengeNhloko Yezomtapo wolwazi nophiko lwemisebenzi yezolwazi), kube nguSakhile Nkosi (oyi-clinical audiologist e-Lydenburg Hospital eMpumalanga), Helimamy Moeng (imenenja ye-Pharmaceutical Services e-Southern Western Sub-Structure e-Western Cape), kanye no-Clinton Odayar (oyiphoyisa elisebenzela e-K9 Search and Rescue Officer e-Umhlali K9 Unit).

Ithimba eliphezulu

Ithimba eliphezulu lokuhlunga lihlanganisa ijaji Zak Yacoob, Advocate Adila Hassim, Solwazi William Gumede no-Moira Campbell we Corruption Watch.

Lomkhankaso uhlose ukubungaza labo bantu abasebenza ngokuthe xaxa, baze beqe kulokho abasuke bebekelwe khona ngenxa yothando lomsebenzi wabo, lokhu kukhuthaza nabannye ukuba nabo babe yisibonelo sokusebenza ngobuqotho nokwakha amaqhawe emphakathini, ngokwenza izinto eziqondile.

Zimbandakanye

Ukuvota, okungenziwa ngokuthumela umqhafazo (SMS) noma u-WhatsApp ne online, kuqale ngomhlaka 2 September.

Umcimbi omkhulu walomkhakha we-Integrity Summit uzobanjelwa e-Johannesburg.

Umphakathi ungavota ngokthumela i-SMS noma nge-online: https://www.integrityicon.org/vote/.

• Vote now for eShowe’s Gugu Mlotshwa

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER