Umelaphi wendabuko ogibeni lokuqolwa
Lendonda engumelaphi mbumbulu isolwa ngokuqola umndeni wakwaMnguni, eMlazi, imali elinganiselwa ku-R300 000, yabe isidlwengula indodakazi yakhona endala
INYANGA yodumo yaseMpangeni uSolwazi ‘3 Seconds’ Nkwanyana iwotha ubomvu ngabantu abahamba beqola umphakathi ngegama lakhe.
Lenyanga ikusho lokhu kulandela imibiko yendoda ebizenza yena, kanti iqola abantu.
Lendonda engumelaphi mbumbulu isolwa ngokuqola umndeni wakwaMnguni, eMlazi, imali elinganiselwa ku-R300 000, yabe isidlwengula indodakazi yakhona endala. ‘Ngesonto eledlule ngatshelwa wumndeni wasesigcemeni sakwa-G eMlazi, owawufuna ukuba ngiwibuyisele imali yawo.
‘Babethi ngibaqolile, kodwa ke ngokuhamba kwesikhathi bathola ukuthi bebekhuluma nomuntu obekungesiyena.
‘Lomndeni wathi ubuqolwa yindoda ebizibiza ngoDokotela 3 Second, yabe isidlwengula nendodakazi yabo endala.
‘Ngibelulekile ukuba lolu daba lwabo balubike emaphoyiseni,’ kuchaza uNkwanyana.
Lenyanga yaseMpangeni ithe ibikhuleka kuNkulunkulu ukuthi, lomsolwa abanjwe ukuze abhekane naye, njengoba engcolise igama lakhe kubantu.
‘Angeke ngimxolele aze abuyise imali ayiqole ngegama lami.
‘Kufanele aphinde aziyise yena emaphoyiseni ngecala lokudlwengula.
‘Ngingumelaphi osemthethweni, angelapheli esikhotheni ngelaphela ekhaya,’ kuchaza uNkwanyana.
Lesi sisulu esineminyaka engu-51, sithe lenyanga mbumbulu iphinde yafuna enye imali, ebithi izobelapha ngayo ukuze bavikeleke kwinkabi ebiqashelwe ukubhubhisa umndeni wonke.
‘Ngesikhathi lenyanga mbumbulu iza endlini yethu, savele sabona ukuthi zonke izinkinga zethu zizophela.
‘Simethembe kakhulu, kodwa saze sabona ngoba esedlwengula indodakazi yethu ukuthi, kanti yisigebengu lesi.
‘Kwasethusa nokudubula kwakhe ngaphakathi endlini, enza sengathi udubula inkabi ebithunyelwe ukuzosiqotha.
‘Ubezishaya nezingane, nathi besesaba ukukhuluma ngalokhu kuhlukumezeka ngoba besazi ukuthi uDokotela 3 Second ngumelaphi osezingeni eliphezulu kakhulu.
‘Kodwa ke sibe sesiphoqeleka ukuba lolu daba silwedlulisele emaphoyiseni.Ngesikhathi amaphoyisa efika ukuzombopha lo mlisa, ubengasabonwa nangokhalo.
‘Sibe sesiya edolobheni Empangeni siyofuna ukubuyiselwa imali yethu.
‘Yilapho esibone khona ukuthi kanti besibanjwa inkunzi,’ kuphetha lo mgilwa.
Okhulumela amaphoyisa uKholonela Thembeka Mbhele, uluqinisekisile udaba lwalomlisa, wathi sebevule icala lokudlwengula nokuwaka.
Uthe uphenyo luyaqhubeka, kodwa bekungakaboshwa muntu.
• Traditional healer fumes over scam
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer