UZOBHADLA ejele impilo yakhe yonke umlisa waseMandayini eShowe olahlwe icala lokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe eminyanka eyishumi nantathu.
Lomlisa (41) ugwetshwe inkantolo yesifunda sasoLundi ngolwesine olwedlule, emva kokuba inkantolo ithole ukuthi lomlisa ebesendlwengule indodakazi yakhe amahlandla amaningi kusukela mngonyaka ka-2016.
Inkantolo itshelwe ukuthi umsolwa ebesebenzisa isu elifanayo uma efuna ukuzitika ngocansi nendodakazi yakhe.
Ubufakazi okubekwe phambi kwenkantolo buthi lomlisa ebethuma lentombazanyana esitolo ngezithuba zakusihlwa, bese eyilandela kuthi ayifice edleleni bese uyayidlwengule maqede eyesabisa ngokuyibulala uma ike yabikela unina.
Ithumba lize babhoboka ngonyaka ka-2017, lapho lentombazanyana yevele yavuka isibibithwane yabikela uthisha wayo esikoleni eyayifunda kuso, ngomkhuba kayise.
Umsolwa waboshwa maqede wenqatshelwa ibheyili,kwaze kwafika isikhathi sokugwetshwa kwakhe.
• Life imprisonment for man who rape daughter
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer
