Local newsNews

Kumise ukufunda ukubhodloka kwebhuloho

Zisakhungathekile izingane ezifunda eThandinkosi naseQondindlela High School, njengoba kusenzima ukuthi othisha bafinyelele kulezi zikole, ngenxa yokubhidlika kwebhuloho

ZISAKHUNGATHEKILE izingane ezifunda eThandinkosi naseQondindlela High School, njengoba kusenzima ukuthi othisha bafinyelele kulezi zikole, ngenxa yokubhidlika kwebhuloho.

Lelibhuloho lisemgwaqeni u-D2323, libhidlike ngemuva kwezikhukhula.Lelibhuloho likhukhuleke ngoLwesihlanu ebusuku, ngesikhathi kunezikhukhula, nokwenza kube nzima ukuba amalungu omphakathi akwazi ukuya edolobheni.

Ngaphezu kwalokho, nothisha abasakwazi ukuwela ukuze bafinyelele ezikoleni ukuze bayosebenza.
Ezinye zezakhamizi sezize zathatha isinqumo sokuthi zihambe amabanga amade, ukuyofuna izinto zokugibela emgwaqeni omkhulu uR34.

Ikhansela lakuWadi, 9 ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni, uMnuz Thulani Zincume uthe kuyimanje, usalindele impendulo ezikhulwini zoMnyango wezokuThutha, emva kokuba ezazisile ngalomonakalo.

‘Lomonakalo unzima kakhulu, kodwa sengiwazisile umnyango ukuthi sinenkinga yokuthi, othisha abakwazi ukufinyelela ezikoleni, ngenxa yokukhukhuleka kwalelibhuloho.

Lokhu kuzoba nomthelela omkhulu kubafundi, abafunda ibanga leshumi eQondindlela.

UMqondisi wezeMfundo kwisiFunda saseKing Cetshwayo, uMnuz. David Chonco uthe sebenalo ulwazi ngalengwadla, ebhekene nabafundi nothisha balezi zikole.

‘Kuyimanje simatasa sizama ukuthola ukuthi singenza njani, ukusiza abafundi bakulezi zikole.

‘Kodwa sithanda ukukhipha futhi isexwayiso sokuthi, abafundi nothisha bethu bangalokothi bazame ukuwela imifula enamanzi amaningi, ngoba kuyingozi lokho,’ kubeka uChonco.

Okhulumela uMnyango Wezokuthutha, uMnuz. Mluleki Mntungwa uthe umnyango wakhe usakhiphe ithimba ukuyohlola umonakalo owezinwe zimvula ezinamandla kulesi sifundazwe.

‘Uma ithimba lethu seliqedile ukuhlola umonakalo, lizobe selisinikeza umbiko, bese siwuyisa eMnyangweni Wezokubusa Ngokubambisana, okuyiwo ojutshwe ukuba ubhekane nalengwadla.

‘Sinxusa izakhamizi ukuthi zizame ukuthola ezinye izindlela ngoba umnyango usuthathe isinqumo zokuvala yonke imigwawo elinyazwe zimvula ezinamandla.

Lokhu sikwenze ngoba siqonda ukuthi lemigwaqo kanye namabhuloho alinyazwe yimvula, engaba yingozi enkulu emphakathini,’ kubeka uMnuz. Mntungwa.



*Bridge collapse causes school disruptions

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER