Kusolwa isoka ngokufa kwentombi eneminyaka ewu-14
Umufi utholakale engakashoni, kodwa ekhombisa ubuthaka, njengoba ebephuma igazi emakhaleni nasemlonyeni, obekukhombisa ukuthi ebophele ngaphakathi

AMAPHOYISA asoLundi aphenya icala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazanyana eniminyaka ewu-14, sididilize eduzane nendlela eMabedlane ngeSabatha ekuseni.
Kubikwa ukuthi uNksz. Thembelihle Zulu, wayekade ehambe nesoka lakhe ngoLwesihlanu ebusuku, wangabe esabuyela ekhaya, nabazali bakhe bavele bazitshela ukuthi ulale esokeni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Zululand uKapteni Nkosie Gwala, uthe bathole ukuthi uZulu wahamba nomngani wakhe, beyobheka isoka lakhe kubo, kodwa bangalifica base bebuyela ekhaya.
ALSO READ: Mystery surrounds Richards Bay murder
‘Kubikwa ukuthi ngezithuba zehora leshumi ebusuku, isoka likamufi lafika kubo lamthatha, lahamba naye, akukho okwakusolisa.
‘Kuthe uma engasabuyi abazali bangakhathazeka, ngoba bezitshela ukuthi ufike esokeni lakhe.
‘Baqale ukwethuka ngesikhathi bethola umbiko othi sekutholakale isidumbu seduzane nomgwaqo,’ kubeka uKpt. Gwala. UGwala uqhube wathi isidumbu sikaZulu sibonwe wumlisa mumbe obephuthuma ukuyogibela ekuseni, sinamanxeba okushawa ekhanda.
‘Umufi utholakale engakashoni, kodwa ekhombisa ubuthaka, njengoba ebephuma igazi emakhaleni nasemlonyeni, obekukhombisa ukuthi ebophele ngaphakathi.
‘Sibe sesibiza abezimo eziphuthumayo, nokuyilapho eshonele ezandleni zabo,’ kubeka uKpt. Gwala.
Uqhube wathi sekuvulwe icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu. Uthe umsolwa, okuyisoka likaThembelihle, usagcwele amathafa, akwaziwa ukuthi ukuphi.
* Police looking for suspect after death of his 14-year-old girlfriend in Ulundi
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer