USADIDEKILE umndeni wakwaKhumalo eDukuduku eMtuba ngemuva kwesigameko sokubulawa kwenhloko yekhaya uMnuz. Sipokwe Khumalo (87), okusolwa ukuthi ubulawe umzukulu wakhe, uBhekithemba, naye oshone emva kokushawa ngamalungu omndeni.
Ngokusho kwendodakazi kamufi, uNkk Sbongile Mathe (55), lesi sigameko senzeke ezintatha ngoLwesine olwedlule.
‘Umfana kadadewethu, uBhekithemba (29) sivuke sambona eshaya ngesudi yesele ehamba egcekeni ephethe amatshe ngezandla, nokuthe uma siya kuye simkhuza wavele wasijikijela ngalamatshe.
‘Kube sekuphuma wonke umuntu sizama ukumbamba, simthethisa ukuthi akagqoke ngani, sizama nokumbamba, njengoba ebesevuke indlondlo nje eshaya kwasani, ephambi kwakhe.
‘Sigcine simnqobile, sambamba samnikeza izimpahla zokugqoka. Emva kwalokho uthe umama uqaphele ukuthi kwenzeka konke lokhu nje, ubaba akabonakali, nokuyilapho kuphenduke khona uBhekithemba wathi umkhulu osendlini yangasese uwile.
‘Ugogo ube esephuthuma endlini yangasese wafike wazithela phezu kwesidumbu sikababa, sidindilizile phezu kwegazi enemanxeba wokushawa ngamatshe, cishe umzimba wonke.
‘Kodwa obekubonakala kakhulu ilapha esiphongweni. Sisola ukuthi umbulale maqede wabeka izingubo zakhe phezu kwesidumbu sakhe, ngoba zonke izingubo zokugqoka sizithole zibekwe ngaphezu kwesidumbu sikababa,’ kubeka uNkk Mathe.
Uqhube wathi umndeni ube usuvuka umbhejazane washaya uBhekithemba kwaze kwasala umndodo.
‘Konke obekwenzeka kwenzeke ngokushesha, kodwa ebengabulawa besukwukudinwa nje kumalungu omndeni, engicabanga ukuthi kweze kweqiseka isandla, bengaboni ukuthi engase ashone ngendlela ebebemshaya ngayo.
Amaphoyisa afike esaphila, kodwa waphangalala emva kwesikhashana,’ kubeka uNkk. Mathe.
Okhulumela amaphoyisa aseMtuba, uKaputeni Justice Hlabisa, uthi sebevule amacala amabili okubulala, kodwa bekungakaboshwa muntu.
* Doubled family murder in Dukuduku
