Kuxwayiswa abangawukhokheli ugesi
Abakwa-Eskom bahlela ukunqamula ukuphakelwa kukagesi kubo bonke abantu abangawukhokheli

KHOKHELA isikweletu sakho sikagesi okanye ubhekane nokuthathelwa izinyathelo ezinqala.
Lesi yisexwayiso esikhishwe yisikhulu sakwa-Eskom, sase-KZN, uMnuz. Monde Bala, nothe lenkampani kagesi ilahlekelwa yimali engango-R5-billion njalo ngonyaka ngenxa yabantu abangazikhokheli izikweletu zabo kanye nalabo abantshontsha ugesi.
Uxwayise wonke amakhasimende akulesi sifundazwe, abahlali kanye namabhizinisi ngengozi yokungawukhokheli ugesi.
Abakwa-Eskom bahlela ukunqamula ukuphakelwa kukagesi kubo bonke abantu abangawukhokheli.
‘Ukungangokhelelwa kukagesi, yilabo abaqola ngokuphazamisa ama-metre kanye nokuzixhumela okungekho emthethweni, sekuholele lenkampani kagesi ukuthi ilahlekelwe yimali enkulu.
‘Yize ukuzixhumale ugesi ngomkokotelo nezonye izindlela zokweba ugesi kuphezulu, kodwa ukungakhokelwa kwawo sekuvele kwenyuka ngezinga elingabekezeleki ezingxenyeni eziningi zezwe,’ kuchaza uBala ngoLwesihlanu.
Lenkampani kagesi isiqhamuke namasu ezobuchwepheshe, okucwaninga ngokusebenza kukagesi, nalekelelwe wuphenyo lobugebengu nokushusiswa okwenziwa yizinhlaka zezomthetho.
UBala uthe lamasu amasha asevumbulule izinto eziningi zokuxhunywa kukagesi ngomkokotelo nokunye ubugebengu.
Lokhu uthe sekuholele ekukhishweni kwemiyalelo yokunqanyulwa kokuphakelwa kogesi ezindaweni eziningi esifundazweni, ukuboshwa nokushushiswa kwabantu.
Abakwa-Eskom maduze bazohlomulisa amakhasimende abo ngenhloso yokuwagqugquzela ukuba aphumele obala, angazihlanganisi nezenzo zokuqolwa kukagesi, ikakhulukaiz labo akade besebenzisa ugesi onama-metre aqoliwe, kube yilabo abangakaze bawukhokhele ugesi, yilabo abafaka ugesi ngomkokotelo, nalabo abathenga ugesi ngama-voucher angekho emthethweni.
Sebenikwe ithuba lokuncishiselwa izikweletu zabo ngo-50%.
Lelithuba lizoqala ukusebenza kusukela ngomhlaka 14 January kuze kube mhlaka 31 March. Uma kuze kushaye lolusuku bengezi ngaphambili, sebeyobhekana nolaka olukhulu lwabakwa Eskom, oluhlanganisa ukuboshwa nokushushiswa,’ kuchaza uBala.
• Eskom warns of action to be taken against non-paying consumers
HAVE YOUR SAY
Like our Facebook page and follow us on Twitter.
For news straight to your phone invite us:
WhatsApp – 072 069 4169
Instagram – zululand_observer