Local newsNews

Kuxwayiswa abantshontsha ezokutakula

Lapha endaweni, lezi zinto zibekwa ezindaweni ezithandwa kakhulu njengase-Richards Bay Hall nase-Pelican Island

NJENGENGXENYE yokunqanda iziganeko zokuminza kwabantu, ezijwayele ukwenzeka ngalesi sikhathui samaholidi, abakwa-Sea Rescue sebeqhamuke nesu lokunqanda ukuminza, elaziwa ngomkhankaso i’pink buoy.

‘Nokho, ngenxa yezigameko zokweba, nalo loluhlelo lulengela engcupheni yokuminza kwalona.

‘Loluhlelo luyinto elula, kodwa enamandla: lamathoyizi antanta emanzini, nabonakala enombala ophinki, yiwona asetshenziswa kakhulu kwizimo zokutakula abantu uma becwila – kodwa futhi ziyakwazi ukubekwa ezandleni zamalungu omphakathi, nawo angalekelela lapho ababhukudi besebunzimeni.

Lokhu akusebenzi kuphela olwandle, nasemanzini agudle ugu, kodwa nasemifuleni, amadamu nasemanzini ahamba ngezindlela ezahlukene.

Lapha endaweni, lezi zinto zibekwa ezindaweni ezithandwa kakhulu njengase-Richards Bay Hall nase-Pelican Island, lapho okushona khona amanzi, nokwenza ababhukudi bakwazi ukuzimela.

Lezi zinto ezo phinki, neziboshwa ngezintambo zifakwa kwizinto efana neziqandisi, bese zinikeza imiyalelo kanye nezinombolo zezimo eziphuthumayo.

Labo abasuke bebukela, uma bebona kunombhukudi osenkingeni, basengayiphosa lento ephinki kulowomuntu osenkingeni, ukuze bakwazi ukumdonsa ngentambo, aphephe.

Ukubambisana komphakathi kubalulekile kakhulu. Uma kodwa lezi zinto eziphinki zintshontshwa noma zicekelwa phansi, miningi imiphefumulo engalahleka lapho. Kumanje, sekususwe enye yalezi zinto eziphinki e-Bay Hall.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngalokhu, axhumane nesisebenzi sakwa-Sea Rescue, kwa 082 990 5949.Ayikho imibuzo ezobuzwa, futhi akukho macala azovulelwa abantu, uma lezi zinto zibuyiselwa.

Don’t steal the rescue buoys!

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER