Local newsNews

Umphezulu udlule nomfana nezinkomo ezimbili

Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesihlanu eNgonyameni, eNgwavuma ngaphansi kukamasipala waseJozini.Kulesi sehlakalo kubuye kwaphephuka nendlu enamagumbi amabili, ngenxa yesiphepho

IZULU ebelihambisana nesiphepho esinamandla lidlule nomphefumulo womfana, uThulebona Mngomezulu (12) kanye nezinkomo ezimbili zakubo.

Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesihlanu eNgonyameni, eNgwavuma ngaphansi kukamasipala waseJozini.Kulesi sehlakalo kubuye kwaphephuka nendlu enamagumbi amabili, ngenxa yesiphepho.

Uyise walomfana uMnuz Vela Mngomezulu, uthe basaphithene amakhanda futhi akuqondakali noma lomphezulu uqale esibayeni, noma uqale endlini, njengoba balahlekelwe nayindlu.

UMngomezulu uthe nakuba enayo imicabango ngokumehlele, kodwa azikho izinsolo zokuthi kunesandla sobuthakathi kulesi sigameko.

‘Namanje ngisaphithene ikhanda ngokuthi ngehlelwa yini. Ngilahlekelwe umphefumulo wengane yami, izinkomo ezimbili kwasha nendlu. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi konke lokhu okungehlelayo kwenzeka esikhathini esibi, lapho khona ngingenamali futhi kalikho nethemba enginalo lokuba ngikwazi ukuhlangabezana nazo zonke lezi zimo ezivelile,’ kubeka uMnuz uMngomezulu.

Elanda ngalesi sigameko, uMngomezulu uthe, bathe besahlalele babona ngomlilo uqubuka esithubeni, kwavutha nendlu base bephuma babaleka bebangisana umnyango nezingane kanye nonina.

Khonamanjalo, umndeni wakwaGama usale dengwane, walala umi ngezinyawo ngenxa yokuhlasela kwaso lesi siphepho, esimuke nophahla lwezindlu ezintathu, okubalwa nemoto yakhona esinde ngokuthi kunesihlabathi esisegcekeni lomuzi.

Ngokusho kukaNksz. Nompumelelo Mngomezulu, okunguyena ohola lomndeni, namanje usethukile ngenxa yokumehlele kanye nomndeni wakhe onamalungu ayisikhombisa.

Uthi okubi kakhulu wukuthi isiphepho sigadle ngisho nasendlini okuhlala kuyo izinto ezibalulekile, okuhlanganisa nokudla komndeni.

Ezinye zezindlu ezithole amachaphazelo, kubalwa namalawu ezingane zakhe ezisafunda isikole.

Lightning strike kills 12-year-old boy and two cattle

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER