Local newsNews

Isathenjwa i-IFP ezindaweni zasemakhaya

Yize i-IFP inqobe ngamavoti angu-1441, kwathi i-ANC yathola amavoti angu-1223, kodwa kucacile ukuthi namanje ezindaweni zasemakhaya kusakhonya indlovu

UKUDLA umhlanganiso kweqembu le-IFP, okhethweni lokuchibiyela obelubanjelwe kuMasipala waseNkandla kuWadi 7, kukhombise ukuthi leliqembu lesethenjwa ezindaweni zasemakhaya.

Yize i-IFP inqobe ngamavoti angu-1441, kwathi i-ANC yathola amavoti angu-1223, kodwa kucacile ukuthi namanje ezindaweni zasemakhaya kusakhonya indlovu.

Ngisho ukugadla ngalowo owayenguMongameli wezwe uMnuz. Jacob Zuma nakho akwenzanga mehluko, ekuguquleni imiqondo yabavoti bakulendawo yaseNkandla.

Kwenzeka lokhu nje, i-IFP isanda kulitheza phezulu ekhanda kwizimbangi zayo, uKhongolose, okhethweni lokuchibiyela obelubanjelwe eMtubatuba ngaphansi kukaWadi 4.

ALSO READ: IFP retains win in Nkandla by-election

Nakhona umbango ubushubile phakathi kwamaqembu womabili, kodwa uphondo lwagcina lugobe ngakuKhongolose.

Lokhu kuyizinkomba zokuthi kusekukhulu ukwethenjwa kwe-IFP ezindaweni zasemakhaya.Lemiphumela futhi iyaluveza ufa olukhona enhlanganweni kaKhongolose, engaka phumi kahle kwizinkinga zangaphakathi, nezihambisana nenhlese yokwehlukana ngemibono.

Bakhona ke nasebeqagula nesimo sesifundazwe, ngokubona lemiphumela yezinketho ebonakala ivuna i-IFP.
Abaningi sebelibeke ngembaba elokuthi isifundazwe siyahamba sibuyela eNkatheni.

Iningi labantu abanalowo mbono ngamalungu kaKhongolose, akhala ngobuholi balenhlangano ngokuthi yibo obuzokwenza igcine iphunyukwe yisifundazwe, ngenxa yokwehluleka ukuxazulula izinkinga zangaphakathi.

Kodwa ke vele ukhetho lukazwelonke selusemome, imibono enjengalena izohlala iqhamuka kubalandeli bamaqembu.

UKhongolose ubhekene nenselelo yokubuyisa ukwethenjwa kubantu, uma sekumenyezelwe isikhala esivulekile kumasipala waseMthonjaneni, njengoba izimpukane eziluhlaza, seziqagulile ukuthi, ngenyanga ezayo kungenzeka lumenyezelwe usuku lokhetho lokuchibiyela.

IFP too strong in rural areas

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER