CrimeNews

Isikhalo ngezinga lokudlwengula eSikhaleni

Rape cases high in eSikhaleni

SILOKHU sikhulile isibalo sabesifazane abadlwengulwayo elokishini eSikhaleni namaphethelo, ikakhulu ngezimpelasonto.

Lokhu kudalulwe ngokhulumela amaphoyisa akulenawo uKapteni Bonginkosi Mkhumane.

UMkhumane uthe izisulu zalobugebengu kuba yintsha, esuka iphuma ezindaweni zobumnandi ngezikhathi zasebusuku.

‘Sinenkinga ngentsha yamantombazane engalawuleki, ehambela lezi zindawo zemijuxuzo kuze kuse, bese iphenduka zisulu zalezigilamkhuba, ngoba ayibe isakwazi ukuzilawula uma isidakiwe.

‘Okunye okusinika kakhulu inkinga njengamaphoyisa, ukwanda kwaloluhlobo lwamacala okudlwengulwa, nokungelula ukuthi lulandeleke ngoba nabanikazi bezindawo zobumnandi nabo, abakukhathaleli ukuphepha kwabathengi babo, kodwa bagxila kakhulu ebhizinisini labo kuphela,’ kuchaza uMkhumane.

Unxuse kakhulu abazali ukuthi babambisane namaphoyisa ekulawuleni izingane zabo, ukuze bakwazi ukulwisana nalesi sihlava.

Uphinde waxwayisa nalabo abasebenzisa izingcingo zamanje ukuthi, bakuqinisekise ukuthi banikezana izinombolo eziyizona, ukuze bangazitholi imali yabo isiwela ezandleni okungezona.’Abantu ababe nesiqinisekiso sokuthi, banikezana izinombolo eziyiqiniso, ukuze lowo onikezwayo angazitholi eselahlekelwa imali yakhe.

‘Sifisa ukukhumbuza kakhulu labo abavamise ukuthi bavakashe ukuthi uma bezohamba, bangalokothi babikele abangani babo noma omakhelwane ukuthi bazoshiya imizi yabo yodwa, ngoba kugcina sekwanda amacala okugqekezwa kwemizi kungenasidingo.’

Lesi sikhulu samaphoyisa siphinde saxwayisa labo abakipitayo, sithi ukuhlalisana kwabo ngaphandle komshado akuvumelekile, ngoba baze bagcine sebebulalana abanye babo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Check Also
Close
 
Back to top button
X

 .

CLICK HERE TO ENTER